Umasipala waseMpendle noMnyango wezabasebenzi, nezikhungo zemfundo ephakeme neminye iminyango kahulumeni, bahambele indawo yakaWard 04 eHlelolusha Hall, lapho Kade kuzonikezelwa ngolwazi lwamathuba kubantu abasha abafisa ukuqhuba izifundo zabo nalabo abafisa ukukwazi ngamathuba omsebenzi.
Ikhansela lewadi eliphinde libe iMeya kamasipala, Cllr SG Ndlela , lamukele abantu abasha nezihambeli ngamazwi akhuthazayo, linxenxa abantu abasha ukuba balalele mese belusebenzisa ulwazi abanikezelwe lona. Liphinde lakhuthaza abantu abasha ukuthi bangadikibaliswa ukubona sengathi amathuba omsebenzi mancane kodwa mabafunde, Ikhansela liphethe ngokunxusa umphakathi ukuthi uyilandele imigomo yesigaba sokuqala ngoba igciwane lokhuvethe lisakhona.
Iminyango eyahlukene nezikhungo zemfundo zinikezele ngesikhathi kanye nangolwazi kubantu abasha abebehambele lombukiso, kwaphinde kwaba nethuba lokuthi abantu abasha bazibuzele imibuzo. UMnyango wezabasebenzi uqinisekisile ukuthi bonke abangasebenzi bayabhalisa ohlwini lokuthungatha umsebenzi.
Umasipala waseMpendle uyabonga kakhulu kumphakathi, Department of Labour, Department of Agriculture, Umngeni Water, Office of the Premier, Environmental Affairs, GCIS, UNISA, UTVET, UKZN, ITCA, Richfield, Umgungundlovu FM, nabo bonke abenze lolusuku lube impumelelo.
Winners, Winners, Winners!!!!
Abantu abasha batshengisile ukuthi balalele futhi bayezwa. Abanye bazihambele nezipho ezinhle.
Siyabonga kakhulu bantu abasha ngokusebenzisa ithuba uHulumeni anihlelele lona, siyabonga nangenhlonipho nokulalela.
Umkhandlu wasekhaya Impendle ufisela inhlanhla bonke abazothatha ulwazi balisebenzisele ukushintsha izimpilo zabo.
Ongaphumelelanga namhlanje edinga ulwazi, uvumelekile ukuyihambela leminyango nezikhungo zemfundo ephakeme noma avakashele ihhovisi labantu abasha eThusong CENTRE.
#Education
#YouthEmpowerment
#YouthDevelopment
#BeYoung #BeWise
Umkhandlu wasekhaya Impendle